Sjava - Ezibongela (Intro)
- Thabo Lyrics
- Nov 12, 2019
- 1 min read
Zasha!
Mafutha emfene ubafazi bemphika bethi akuyena
okaSbindi kanti vele okaSbindi
inkihlankihla yamasemeshi
ntombi zaseZimbabwe ziyamthanda ngoba ephethe ishumi
uSjava kajama indlalifa umakhehlela yonke iminqolo le egombel'etsheni
nggingena esbayeni ne hawu
ngikhahlele ukuhamba kuchiteke amaqatha esthebeni
uyinsizwa ngakini ebergville phela lapho usuke sewufike ekgcineni
bathi ng'thembeni
ngiphuma emangawaneni insizwa ngiyvusa emqubeni
haw bayeeeeeede wena wendlovu
ow zinyane lendlovu
ow wangenza u shaka ngenzalo yolaka manje ikhanda nigilishaya libovu
phela mina ngizalwa usbindi umlilo umgijimani uHadebe ubhungane umakhulukhulu undlubu zamila endaweni engafanele habe
zamila esendeni
aw ngiy'ngozi ngaze ngay'hasha kamnandi
ngiyazi kujabula idlozi
ophikisana naloke asheshe aphumele obala ngalewisa ngigqeme ingozi
engeqiwa ntwala manje ngiyavala
akekho ozovuka bafana abafana noThomas abakholwa ngokbona bazodabula amafu akhale bafana akhale
Comments